...

5 views

Woqotha Uzufike KwaMtshekula
Ngilambile esiswini
kodwa ng'yaloba.
Ngilambile esiswini
kodwa ng'yahaya,
Nkondlo yami kanti
unjani?

Nakhu ng'yoze ng'bambe
utalagu ngesandla imzamo
yami yami ayinamphumela,
ngapha abezizwe bayang'bheca
bangbeka amabala.
Bathi ngyoze ng'fike KwaMagaduli kaMbilamhlophe,
lento yezi nkondlo zami
ngeke iphumelele noma
kinini ngoncinda uthi
lomkhangala!

Ngakhala ngok'lamba
esiswini kodwa ng'yabhala
lezonkondlo azing'phakeli.
Ngezwa indlebe zami
zisuthiswa iphimbo
lesalukazi esang'fikela
emaphushweni sifumbethe
amaguncu ngesandla.

Sathi ndodadana woqotha
ulandele abokuhlakula,
Ngathi ayibo kanjani
ntombi endala!
Sathi ehlisa umoya nkosana
ngzoklandisa.
Lento yenkondlo zakho
ayinampumelelo wobuya
nequbu lanogwaja,
uz'hlupha ngeze nje ngoba
ngeke uphumelele.

Ngathwala izandla ekhanda
ngibakaza imhlola ingena
ekhaya,
Ngathi ayibo musudlala
kanjalo ntombi endala,
sinenkondlo sinto eyodwa
umutsha nethunga.
Awubheke okwemzamo
yami engaka ngithi
ngfuna lenkondlo idlondlobale
kodwa bheka manje,
sekushe abilayo kwaye kwasha
nasokhezweni
impi idle ama hewu
ewu.
Kaze Iyizala Nkomoni?

Ngoba ngangithi intende
iwe enkundleni ngobuciko
bobumbongi
zimbiwe insele yazishiya
Eswini ng'lambile kazi
nkondlo yami ukephi?
Ngoba akwaziwa thunga
labuya nenkintsho,
kanti
inkunzi,
bengithi isematholeni.

Ngithi ng'yayibheka manje
angsay'boni angisayiza
nangephekula ng'yoyicela
ivuthiwe,
ngakuba mayihlaza ayidleki,
Mathe Ami Ngilinde.

Bhala Gwenyane