...

2 views

Msakhi Daily News 📰
#Uzitholazinjalo
Umsakazo INDANYANA FM Ibonga kakhulu kubobonke abantu abayilandelayo.

INDANYANA FM ibuye yabonga kakhulu kuCompany eyenza umsebenzi omuhle kakhulu emukhakheni woku Designer (DEE MEDIA PRODUCTION) .le company ivule izandla kuNdanyana FM ukuthi ingayenzela AmaPoster ayo ngaphandle kokuyibhadalisa.Uma nawe udinga ukwenzelwa amaEvent Poster,Cr Cover nokunye cela ubalandele ekhasini labo kuFacebook (Dee Media Production). INDANYANA FM ibuye yabonga kunsizwa ejoyinile ukuthi abasakazi bayo (Thokozani Shandu) ,lomsakazi uke wasebenza phambilini komunye umusakazo okuUGU Youth Radio ,Kube yinjabulo kakhulu lokhu kuNdanyana FM ukuthola abantu asebemnkantshubomvu ekusakazeni yize Yona isanda kubakhona ibonge kakhulu .

•Kwamashandu Kitchen
Basilethele umcimbi omkhulu (Kwamashandu Maskand Festival) umucimbi ozobe ubophele izinkakha zomculo kamaskand ungabala,Umzukulu,Dumakahle, Quality Biyela,Limit ,Sika Mayadi Nabanye Abanengi .Lomcimbi uzobe use( EastCourt ,Kwamashandu Kitchen) ngomhlaka 30 kuMandulo (September) ,Amathikithi Ayatholakala ezitolo zamathikithi nase Spar , Phuthuma Ungasali uyothola elakho ithikithi ,Uzozibonela izihlabani zomculo kamaskand.

•Ezemidlalo
Imangaze abaningi impofana ibamba iMamelodi Sundowns abantu bebethi izozidlulela kalulanje kepha yakushintsha lokho i Kaizer Chiefs zabambana ngegoli elilodwa ngapha nangapha .Yize lokhu kunakho ukuvuna iMamelodi Sundowns ngokuthi yashaya igoli ekuhambeni kodwa kufanele ne Chiefs ilithole igoli umasekudlalwa umulenze wesibili we MTN8 .Ezikamagebhula zibuye ngamandla emdlalweni wabo obungesonto neStellenboch lapho khona silithole kuqala inqaku istellies kodwa yawaguqula amatafula iPirates yabuya yashaya amabili amanqaku agcine eseyenza inqobe umudlalo wayo wokuqala neStellenboch.

•Umudlalo Wamaciko Asafika
Kunomudlalo wamaciko asafika ozobakhona ,abaciko asafika acele INDANYANA FM ukuba ibenzele umudlalo wabo ukuze nabo bezokwazi ukuqhudelana bebodwa bezobona neSupport asebenayo ukuthi inganani.Indanyana FM ivumile lokho ithi icela wonke amaciko Asafika Angenele noma alandele ikasi labo kuFacebook (INDANYANA FM) ukuze bezobona konke ,lomudlalo iciko elizowina lizothola Airtime & Data .

•Ezamabhizinisi
iCompany ekhiqiza izakhamuzimba ithi icela wonke umuntu ongazizwa kahle noma onamasotsha omuzimba aphansi axhumane nabo uzokwazi ukusizakala ngento ezomenza azizwe encono / ewumqemane.Uyabathola ekhasini labo kuFacebook (KPN HERBAL SOLUTION).

© All Rights Reserved